Abaholi boMasipala wesifunda sase-uThukela kusasa bazovela phambi kweKomidi lezokuphatha ngokubambisana nezindaba Zendabuko (COGTA) ukuze kulalelwe isigaba 132 esiShayamthetho.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi ngomhla zilishumi nambili ku-Agasti, ikomidi alikwazanga ukuqhubeka naloluhlelo lokulalelwa kwalesigaba ngenxa yokungabibikho kobuholi bezepolitiki obufanele ukuze buphendule imibuzo.
Isishayamthetho sisebenzisa ukulalelwa kweSigaba 132 njengethuluzi lokuqinisekisa ukuthi omasipala babhekane nathupha nenkinga yemiphumela yabo emibi yokucwaningwa kwamabhuku nokuphathwa kwezimali.
Ukungabikho kwabaholi bolomasipala ekuqaleni kwenyanga, akubanga kuhle kakhulu ngenxa yobucayi nokubaluleka kwaloludaba oludinga bona.
Ukulalelwa kuzokuba osukwini lwakusasa ngo-9 ekuseni.
