Namuhla eVan Reenen Combined School endaweni yaseVan Reeben eMnambithi kuqhutshwe umkhankaso wokuqwashisa abafundi nomphakathi ngokuphepha ngesikhathi sasehlobo.
Lo mkhankaso ubuhlelwe yizikhulu zoMnyango Wezokuphepha Komphakathi kanye nabezimo eziphuthumayo ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma, ngokubambisana nenhlangano iWorking on Fire (WOF).
Inhloso yalo mkhankaso bekuwukuqwashisa abafundi ngezingozi ezingase zibe khona ngesikhathi sasehlobo, ikakhulukazi eziphathelene nemililo, kanye nokubaluleka kokuphepha nokwazi ukuthi kumele benzeni uma kuvela isimo esiphuthumayo.
Abafundi baphinde bakhuthazwa ukuba babe nesandla ekuvikeleni imiphakathi yabo ngokubika izingozi nokulandela imithetho yokuphepha.
