Umphakathi waseJonono ubuhlangene nomphakathi wendawo kanye nekhansela uThobani Dlamini emhlanganweni obubanjelwe ukukhuluma ngesimo somgwaqo u-L370.
Lo mhlangano ubulandela uhambo olwenziwe ngesonto eledlule, lapho amadoda omphakathi kanye nabaholi bendawo bevakashele khona uMnyango Wezokuthutha eMnambithi kanye noMasipala wase-Alfred Duma ukuyofuna izimpendulo mayelana nemigwaqo yaseJonono.
Amadoda nabaholi bomphakathi babonge ikhansela uDlamini ngemizamo yakhe, njengoba iziphathimandla ziveze ukuthi uhlala efika emahhovisi azo ezolandela udaba lomgwaqo.
UDlamini uthe usexhumene nethimba likaMasipala, elithembise ukubambisana noMnyango Wezokuthutha ukulungisa lo mgwaqo. Kulindeleke ukuthi imishini ithunyelwe eJonono emasontweni ambalwa ezayo, uma isiqedile umsebenzi kwamanye amawadi.
