Umlimi osemncane waseMatiwane, eMnambithi, uNqobile Mabula oneminyaka engu-27, usezwakalise ukubonga kubantu bangakubo ngokumeseka kulandela ukuthola indondo ebalulekile emkhakheni wobuholi besifazane.
UNksz Mabula, ongumfuyi wezimbuzi, ubeseqokwe ukuba yingxenye yabaholi besifazane abangu-60 abaqavile abavela emazweni ahlukene emhlabeni.
Uphinde wahlonishwa ngendondo yeMost Impactful Female Leader in Africa emcimbini weShe Reigns Africa Network obuseSandton, eGoli.
UNqobile uthi uyababonga bonke abantu baseMnambithi abamesekileyo kulolu hambo, wathi impumelelo yakhe ingumphumela wokwesekwa ngumphakathi wangakubo.
Kanti abanye besifazane base-Afrika bacele iPhini likaNgqongqoshe weZamabhizinisi Amancane, uRaesetja June Sithole, ukuba uMnyango uqhubeke nokweseka uNqobile ukuze athole ithuba lokuba yingxenye yengqungquthela ye-African Union (AU) ehlelelwe lo nyaka.
