Owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala uzohlawuliswa uR20 000 ngemuva kokutholakala inecala lokushayela ephuze uphuzo oludakayo eColenso.
Lokhu kuza nje amaphoyisa aseColenso SAPS ayekade enza umkhankaso wokuqapha emgwaqeni R103 , ngesikhathi ebona imoto ihamba ohlangothini olungelona lomgwaqo.
Amaphoyisa abe eseyimisa lemoto eduze komgwaqo oya eCornfields, athola ukuthi umshayeli uphuze uphuzo oludakayo kakhulu futhi ubengakwazi nokuma kahle.Ube eseboshwa, imoto yakhe yathathwa, kwase kuthathwa nesampula yegazi ukuze kuhlolwe izinga lotshwala emzimbeni wakhe.
Kubikwa ukuthi lomsolwa wavela kaningana eNkantolo yeMantshi yaseColenso ngaphambi kokuba icala liphothulwe.
Ugwetshwe inhlawulo ka-R20 000 noma iminyaka emihlanu ejele,kanti Ilayisensi yakhe yokushayela nayo imiswe ukusebenza izinyanga eziyisithupha
