Ikhansela likaWard 9 eTsakane, eMnambithi, uNumz. Nathi Sithole, lizwakalise intukuthelo enkulu kulandela isigameko sokudutshulwa kwabulawa ibhungu elineminyaka engu-20 ubudala.
Ngokusho kukaSithole, lesi sigameko senzeke ngesikhathi kufika abantu okuthiwa bangamalungu enhlangano iMarch and March bezohambela izitolo eziphethwe abantu bokufika. Kuthiwa kwaba nokungaboni ngaso linye phakathi kwabantu ababesendaweni nabanikazi besinye sezitolo, ngaphambi kokuba kudutshulwe umfana obekuthiwa uzihambela nje. Lo mfana ugcine eseshonela esibhedlela eMnambithi.
USithole uthe okumkhathazayo ukuthi akekho umuntu wendawo abamaziyo obebambe iqhaza kulo mkhankaso, wathi ngokujwayelekile uyaziswa uma kukhona imisebenzi ezokwenzeka endaweni yakhe.
Ikhansela lidlulise amazwi enduduzo emndenini womufi, lathi kubuhlungu ukulahlekelwa umuntu osemncane obesaphambi kwekusasa futhi enamaphupho.
Imininingwane egcwele ngalesi sigameko kanye nophenyo lwamaphoyisa kusalindelekile.
