KUSOLWA ISANDLA SESITHATHU NGOKUSHA KWE-METER BOX YAMANZI EMATHONDWANE

Amaphoyisa ase-Besters aphenya isigameko sokusha kwe-meter box yamanzi yomkhandlu wase-uThukela District Municipality endaweni yaseMathondwane. Ngokusho kweKhansela lendawo, Thulasizwe Mlaba, waziswe ekuseni ngabasebenzi bomkhandlu abebeyaqhubeka nomsebenzi wokulungisa iphampu yamanzi endaweni ukuthi kushile. UMlaba uthi lePump ibisanda kulungiswa kanye nenjini yayo ngesonto eledlule, okwenza kube yinto emangazayo ukubona i-meter box isishile. Uveze ukuthi indlela eshe ngayo ikhombisa…

Read More

UMHLANGANO WAKWA MABHALONINI UPHUME NEZIXAZULULO ZENKINGA YAMANZI

Namhlanje kube nomhlangano obalulekile phakathi komphakathi wakwaWard 23 eMabhalonini ngaphansi kobuholi bukaKhansela Mvelase noMaspala iNkosi Langalibalele. Lo mhlangano ulandela umbhikisho wangesonto eledlule lapho umphakathi wavala umgwaqo ukhombisa ukungagculiseki ngokungatholakali kwamanzi. Umhlangano unikeze ithuba lokuthi izakhamuzi ziveze izikhalo nezimfuno zazo, kanti zaphuma ngobuningi bazo ukuzobamba iqhaza. Kule ngxoxo, izinhlangothi zombili zikwazile ukuvumelana ngezinyathelo nezixazululo ezizothathwa ukubhekana…

Read More

iNSFAS IFAKWE NGAPHANSI KWESO LOMLAWULI NGENXA YOKWEHLULEKA UKUPHATHA KAHLE IZIMALI

UGqongqoshe womnyango Wezemfundo Ephakeme, Buti Manamela, usememezele ngokusemthethweni ukubekwa kwe-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngaphansi kweso lomlawuli (administration), kwaqokwa uHlengani Mathebula njengomlawuli wesikhashana. Lesi sinyathelo silandela isikhathi eside sokungazinzi kwezokuphatha kanye nokwehluleka kokusebenza ngaphakathi kweNSFAS. UNgqongqoshe uManamela uthe lesi sinqumo asithathwanga kalula, kodwa sithathwe ngemuva kokuthi zonke ezinye izindlela sezizanywe zahluleka. Phakathi kwezinkinga eziholele…

Read More

BEKUSINDWE NGOBETHOLE KUGCAGCELWA IKHANSELA LASE-ALFRED DUMA NGEMPELASONTO

Bekusindwe ngobethole ngesikhathi umphakathi waseBhatha, Lusitenia kanye nezindawo ezizungezile uhlangene ngoMgqibelo ukuzobungaza uKhansela waseWard 24 ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma uThembinkai Ngcobo, ngesikhathi egcagcelwa ngempelasonto. Lo mcimbi uhanjelwe ngabantu abaningi, okubalwa amalungu omphakathi, amakhansela kanye nezihlobo, abebeze ukuzohalalisela nokweseka uNgcobo kulolu suku olubalulekile empilweni yakhe. UNgcobo ugcagcelwe intokazi yaseBergville,uHloniphile uMaDladla , ongumakoti wesibili wakhe. Ngaphandle kwezombusazwe,…

Read More

UMKHULU WASEMBUZWENI UFISA UKUHLANGANA NOMEYA UZAMA SIBISI NGODABA LWEKHAYA LAKHE

Umkhulu Bheki Leonard Mazibuko oneminyaka engu-80 waseDark City eMbuzweni ngaphansi kukaWard 15, uthi unesifiso sokuhlangana neMeya kaMasipala wase-Alfred Duma Local Municipality, Zama Sibisi. Umkhulu Mazibuko, ohlala yedwa, uthi wadilikelwa umuzi wakhe ngesikhathi sezimvula zangonyaka odlule futhi kusukela lapho impilo yakhe isibe nzima. Ucele ikhansela lendawo, Xolani Kubheka, ukuthi limsize limxhumanise neMeya ukuze akwazi ukubikela ubuhlungu…

Read More

KUBE YIMPELASONTO YEDILI LOMCULO EMNAMBITHI NGEMNAMBITHI MUSIC FESTIVAL

Kube nomoya wokuzijabulisa nokuhlangana komphakathi ngesikhathi kubanjwa umcimbi iMnambithi Music Festival mhla zi-3 kuNhlaba eSettlers Park, eMnambithi. Lo mcimbi uhlelwe yi-Banzi Productions, abaziwa kakhulu ngokuhlela i150 Maskandi Festival. Abaculi abavelele bahlanganise IColenso Abafana Benkokhelo, Shenge WaseHlalankosi, UMjolisi, kanye noNdie, nabanye abaningi, bekhombisa ubuciko obudonse izethameli. Yize indawo ibingagcwele ngokuphelele, kubonakale ngokusobala ukuthi labo abebekhona bajabulele…

Read More

KUSHUBILE PHAKATHI KWE-LACO NOMHOLI WENTSHA YE-MK NGOSIZO LWASECHINA

Kuvele ukungezwani okukhulu phakathi kwenhlangano i-Labour and Civic Organisation (LACO) nobuholi bentsha ye-uMkhonto weSizwe Party (MKP), kulandela izinsolo ezibhekiswe kumholi wentsha yeMK, Qiniso Cibane. UMongameli weLACO, Mlungisi Zondi, usole uCibane ngokuthi uthengise “umzabalazo wabantu baseNingizimu Afrika” ngokusondelana nosomabhizinisi waseChina ongumnikazi wamafemu akwaSthebe eMandeni. UZondi uthi lo somabhizinisi waseChina kuthiwa uxhase uhambo lukaCebane nethimba lentsha yeMK…

Read More

I-1KZN TV IPHIKA IZINSOLO ZOKUDLALA IZINKONZO ZABOKUFIKA KUMABONAKUDE

Isiteshi sethelevishini 1KZN TV sesikhiphe isitatimende siphendula izinsolo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana mayelana nezinhlelo zamasonto abokufika ezikhonjiswa kulesi siteshi. Esitatimendeni esikhishwe mhla lu-1 kuMeyi 2026, abaphathi be-1KZN TV bathe imininingwane esatshalaliswayo ayilona iqiniso futhi iyadukisa, begcizelela ukuthi abanazo nhlobo izinhlelo zamasonto abokufika ohlwini lwezinhlelo zabo. Lesi siteshi sithe lesi siteshi sisebenza ngaphansi kwemigomo ye-Independent Communications Authority…

Read More

ICOSAS IFUNA AMISWE UNGQONGQOSHE SIVIWE GWARUBE NGODABA LWETHENDA YEZINCWADI KA R1.6 BILLION

Inhlangano yabafundi, Congress of South African Students (COSAS), isinxuse uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi amise ngokushesha uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, Siviwe Gwarube, ngenxa yezinsolo ezihlobene nethenda yezincwadi zokufunda ezibiza u-R1.6 billion. Le thenda ibihlose ukugaya izincwadi zamabanga aphansi, iFoundation Phase, kusukela kuGrade 1 kuya kuGrade 3. Kunezinsolo zokuthi enye yezinkampani ezinikezwe umsebenzi ibisanda kusungulwa ngemuva nje kokukhishwa…

Read More

ENGABE ZIZOPHAZAMISEKA IZIVIVINYO ZOKUPHELA KONYAKA NGENXA YOKHETHO?

Kukhulu ukhathazeka kubantu baseNingizimu afrika,ngezivivinyo zokuphela konyaka, kulandela ukuthi uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ememezele umhla zingu 4 ku November 2026 njengosuku lokubanjwa kokhetho lohulumeni bezindawo. Kanti futhi lolusuku luqondana nesikhathi sokubhalwa kwezivivinyo zikamatikuletsheni, nosekuvuse imibuzo ngokuthi uhulumeni uzohlela kanjani. Lokhu,kukhathazeka kuzanjengoba izikole eziningi zisetshenziswa njengezikhungo zokuvota ezifundaweni ezahlukene kuleli nokuvuse imibuzo ngokuthi yiziphi izikhungo ezizosetshenziselwa…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved