Zingaphezu kuka-1 700 izibhamu ezicelekelwe phansi emkhankasweni ohlanganyelwe wamaphoyisa aseNingizimu Afrika naseLesotho wokulwa nobugebengu obusebenzisa izibhamu.
Lezi zibhamu zathathwa ngesikhathi sokugasela okubhekiswe kubasolwa eLesotho, zase zithunyelwa eGauteng ukuze zicekelwe phansi. Lo msebenzi uhambisana nohlelo lwe-African Union oluthi “Silencing the Guns”, oluhlose ukunciphisa izikhali ezingekho emthethweni ezwenikazi.
Izibhamu zafakwa esithandweni somlilo esishisa kakhulu, esifinyelela ku-1 648°C, okwazi ukuzincibilikisa zibe uketshezi. ILesotho ayinawo amandla anele okwenza lo msebenzi, yingakho ithembele kwiSAPS.
Ngaphambi kokuchithwa, izibhamu zahlolwa ukuze kutholakale ukuthi zazisetshenziswe yini emacaleni ahlukene, zabe sezithunyelwa eNingizimu Afrika ngokubambisana ne-Interpol.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule, iSAPS yachitha cishe izibhamu eziyizi-12 000 ezazithathwe ngaphakathi eNingizimu Afrika. Kuthiwa eminyakeni eyisikhombisa edlule, zingaphezu kuka-300 000 izibhamu ezingekho emthethweni esezichithiwe.
