Ikhansela laseRoosboom eliphumayo, uSphamandla Khumalo, lizwakalise ukubonga inhlangano engenzi nzuzo i-OYU Green ngokulungisa izimpompi zogingxiginxi ezingu-16 eWadini 11, eRoosboom.
Le nhlangano efike ivela phesheya kwezilwandle isiza imiphakathi yase-UThukela ngokulungisa nokufaka izimpompi mahhala.
UKhumalo uthi akafuni osopolitiki basebenzise umsebenzi wale nhlangano emikhankasweni yabo yokufuna amavoti, njengoba ingazile ngaphansi kweqembu lezepolitiki noma umasipala. Unxuse amaqembu ukuba avumele izinhlangano ezisiza umphakathi zenze umsebenzi wazo ngaphandle kokufaka ipolitiki.
Uthi abantu base-UThukela babhekene nenkinga enkulu yokushoda kwamanzi, kanti i-OYU Green kulindeleke ukuthi iqhubeke nokusiza ngokufaka amanzi emawadini amaningi ase-Alfred Duma.
