Ukungabonakali kukaJacinta Ngobese Zuma emhlanganweni kahulumeni obudingida izinkinga zokufuduka kwabantu eNingizimu Afrika sekudale ukukhuluma phakathi kwabantu.
Umhlangano ububanjelwe eGauteng, ubuhanjelwe nguNgqongqoshe wezobuLungiswa uMmamoloko Kubayi, uNgizwe Mchunu, iNkosi uMalusi Zondi, uFiroz Cachalia kanye noGeneral Tebello Mosiki.
Iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana likhala ngokungabandakanywa kwiMarch And March kulezi zingxoxo. Abantu bathi kuyaxaka lokhu okwenziwa uhulumeni kokuthi abize umhlangano ozokhuluma ngodaba lwabokufika kodwa inhlangano egxekwa kakhulu uma kukhona ukuphuma esandleni ingabizwa.
IKomidi yoNgqongqoshe ithe izosebenzisana nabahleli bemibhikisho, okubalwa i-Operation Dudula, ukubhekana nokufuduka kwabantu ngokungemthetho. Izingxoxo ziphinde zagxila ekubuyisweni kwezakhiwo zikahulumeni ezithathwe ngokungemthetho kanye nokuthola usizo lwezomthetho kubaholi bomphakathi.
