Isithombe:Gauteng DOE
kulandela izinsolo zokunukubezwa ngokocansi komfundi webanga lesi-4 eBusisiwe Primary School eZola 2, eSoweto, okusolwa ukuthi kwenziwe uthisha.UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uLebogang Maile, uhambele kulesiskole namhlanje ukuyothola ulwazi ngalesisgameko esishaqisayo.uMaile uphinde wakuluma namalungu omphakathi akhathazekile.
UMaile ucele umphakathi ukuthi wehlise umoya futhi uvumele amaphoyisa noMnyango wezeMfundo ukuthi baqhubeke nophenyo nezinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe ngaphandle kokuphazanyiswa noma ukwahlulela ngaphambi kwesikhathi.
Uthe ukuvikela izingane kuwumsebenzi wawo wonke umuntu, waphinde waqinisekisa ukuthi umfundi othintekile nomndeni wakhe bazothola ukwesekwa ngokwengqondo.UMaile uthe ukufundisa nokufunda kuzoqhubeka esikoleni njengoba kusalandelwa izinqubo ezifanele zokubhekana nalezi zinsolo.
