Uyaqhubeka umkhankanso womnyango wezabasebenzi wokuhlola ukuthi izinkampani amafemu namabhizinisi,ziyayilandela yonke imthetho ebekiwe uhulumeni,ngaphansi wesifunda uMzinyathi KwaZulu-Natal namuhla. kube sekuvalwa zonke izitolo ezingayilandeli imithetho ebekiwe.
USekela Ngqongqoshe wezabasebenzi, uJomo Sibiya, uhola amathimba ahlanganisa, amaphoyisa eSAPS, izikhulu zoMnyango wezaseKhaya kanye nezikhulu zomnyango wezabasebenzi.lamathimba ahlola ukuthi abasebenzi bayahola yini nokuthi abaholelwa yini imali engaphansi kwalena ekalwe uhulumeni.
kuphinde wabhekwa ukuthi abasebenzi basebenza ngaphansi kwezimo ezifanele futhi baphephile emsebenzini,kwabhekwa nezinye izindaba ezithinta imshwalense wabasebenzi kanye nokulimala emsebenzini.
lomkhankaso ubheke nokuxhashazwa kwabasebenzi kanye nokuqashwa kwabantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho.
UMnyango uthe lolu hlelo aluhlosile ukubopha abantu kuphela, kodwa luhlose nokuvikela abasebenzi nokuqinisekisa ukuthi izindawo zokusebenza ziphephile,abaqashi banxuswe ukuthi babambisane nezikhulu, kanti abasebenzi bayakhuthazwa ukuthi babike noma yikuphi ukuxhashazwa.
