UMeya kaMasipala wesiFunda i-Amajuba, uKhansela T.E. Mthembu, uhole umcimbi wokuphendulwa kwesoyi lapho kuzoqala khona iphrojekthi ka-R7.9 million yokulungisa nokwakha kabusha ingqalasizinda yendle eMadlangeni.
Lephrojekthi ihlose ukubhekana nezinkinga zokuchitheka kwendle nokuthuthukisa uhlelo lokuthuthwa kwamanzi angcolile kule ndawo, olonakele kakhulu ngenxa yezikhukhula zakamuva.
Kuzolungiswa futhi kwakhiwe kabusha i-Khayalethu Sewer Booster Pump Station kanye ne-Caltex Pump Station, kanti lomsebenzi kulindeleke ukuthi uqedwe zingakapheli izinyanga ezine.Lephrojekthi izophinde idale okungenani amathuba emisebenzi angu-10 kubantu bomphakathi.Umasipala uthi lephrojekthi iyingxenye yezinhlelo ezibekwe eqhulwini zokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwamanzi nezinsiza zokuthuthwa kwendle esifundeni.
