Agane unwabu agasela emahhovisi eqembu le-MK amalungu alenhlangano ekhala ngokushitshwa kwe-Candidate abayikhetha kwafakwa omunye umuntu.
Lamalungu asendaweni yaseMatiwane kuWard 23 athi ayamangala uma ezwa ukuthi umuntu ozomela lenhlangano okhethweni umnumzane Kwanele Ndaba ekubeni bona bakhetha ngo-elethu uMnumzane Lindo Zakwe. Ngokwalamalungu, uZakwe wanqoba ngamavoti angu 93, kwathi uNdaba yena wathola amavoti amathathu kuphela.
Okumangazayo ke ukuthi kunencwadi(leliphephandaba elinayo) okuthiwa yabhalwa nguNdaba esula ukuba yicandidate yalenhlangano ewadini. Lamalunga omphakathi ke akhala ngokuthi wayeze esule nje kwakwenzenjani ngoba naye uyazi ukuthi akanqobanga okhethweni.
Lamalungu afike athola uMgqugquzeli walenhlangano kwiSub-region yase-Alfred Duma uMnumzane nathi Mtshali ofike wabachazela ukuthi konke okwafika kubo njengehhovisi kwahanjiswa ehhovisi lesifundazwe kunjengoba kunjalo.
