BAGWETSHWE UDILIKAJELE ABALAHLWE YICALA LOKUBULALA
Abesilisa ababili, uThabiso Mokoena noZama Mhlanga,bagwetshwe udilikajele yiNkantolo yesiFunda eMadadeni ngecala lokuthumba nokubulala uMusawenkosi Sithole e-Osizweni ngoNovemba 2022.
Inkantolo ithole ukuthi uSithole wathunjwa, washaywa,bahamba naye bembuza ngokulahleka kwamarimu bemshaya. Bafika bama ngasebhulohweni endawaweni enamafemu lapho baqhubeka khona bamshaya. Bamshaya ngezinduku bamkhahlela bamvala umlomo ngesokisi. UMhlanga wamshaya ngetshe ekhanda.
wabe esephoswa emfuleni,Isidumbu sakhe asikaze sitholakale.UMokoena noMhlanga bagwethswe udilikajele ngecala lokubulala, kanti baphinde bagwetshwa eminye iminyaka emihlanu ngokuthumba kanye neminye emihlanu ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Abanye ababili, uBandile Radebe noSanele Hlatshwayo, bagwetshwe iminyaka engu-15 umuntu ngamunye ngokuthumba nokuzama ukubulala.I-NPA ithe iyasamukela lesi sigwebo, yathi sikhombisa ukuthi ubugebengu obunodlame ngeke bubekezelelwe.
