uNkz. Gcinile Ngobese, 47, waseGlencoe eNdumeni, ongumnikazi weMango Co-op ugqame ngomsebenzi wakhe wokulima nokudala amathuba emisebenzi.
UNgobese ukhiqiza izinhlobo ezahlukene zemifino nezithelo, okubalwa kuzo isipinashi, iklabishi, isaladi, beetroot, broccoli, u-anyanisi, amazambane, ummbila, amawolintshi, amapentshisi, ama-strawberry nezinye.
Umkhiqizo wakhe usuthengwa yizitolo ezinkulu okubalwa kuzo iSpar, Boxer nePick n Pay, kanti ulethisi wakhe uphinde awuphakele iSteers. Uthi umphakathi waseGlencoe naseDundee nawo uyazuza emikhiqizweni yakhe.
UNgobese uthi uxhaso aluthole kuMaspala uMzinyathi, okubalwa uthango, izinsika, izimbewu zikabhontshisi kanye nezinye izinto, lube negalelo elikhulu ekukhuliseni umsebenzi wakhe.
Uphinde wakwazi ukuqasha abasebenzi abahlanu ngokugcwele, kuthi ngesikhathi sokutshala nokuvuna aqashe abantu abangafika kwabangu-20.
Uthi inhloso yakhe ukubona ikakhulukazi abantu besifazane bengena kwezolimo njengoba lomkhakha waziwa kakhulu ngokuba nabantu besilisa.
