UMengameli uCyril Ramaphosa usecele amazwe e-BRICS ukuthi angagcini ngokuxoxa ngezindaba zezomnotho, kodwa athathe izinyathelo zokuguqula ubudlelwano bezomnotho phakathi kwamazwe asathuthuka kanye nomhlaba wonke.
Ekhuluma e-BRICS Business Forum eNew Delhi, e-India, uRamaphosa uthe ohulumeni namabhizinisi kufanele basebenzisane ukuze kwakhiwe amathuba okutshalwa kwezimali, ukukhiqizwa kwemikhiqizo kanye nokuthuthukiswa kwamakhono endawo.
Uthe i-Afrika akumele iqhubeke nokuba yindawo ekhiqiza izimbiwa nezinto ezingavuthiwe kuphela, bese inani lazo lenziwa kwamanye amazwe.
URamaphosa ucele ukuthi kutshalwe kakhulu ekukhiqizeni, ekucutshungulweni kwezimbiwa, ezobuchwepheshe, amandla, ingqalasizinda nezokuthutha.
INingizimu Afrika iphinde ifuna ukwandisa ukuhwebelana nokutshalwa kwezimali phakathi kwamazwe e-BRICS, kanye nokuthola olunye utshalomali lwengqalasizinda e-Afrika.
URamaphosa kulindeleke ukuthi aphinde akhulume nabaholi bamabhizinisi ase-India naseNingizimu Afrika mayelana nokwandisa ubudlelwano bezohwebo nokutshalwa kwezimali
