IMARCH AND MARCH IZOBE ISEMNAMBITHI NGOLWESIHLANU
Inhlangano elwisana nabakuleli ngokungekho emthethweni iMarch And March izobe iseMnambithi e-Illing Road ngoLwesihlanu. Ngokusho kuka Pretty Mbuyisa, onguCoordinator weMarch and March eMnambithi, lenhlangano izoba nomkhankaso wokuhlanza ku-Illing Road ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Immigration Office, LED kanye noMnyango Wezabasebenzi (Labour). Unxusa umphakathi ukuthi uhlanganyele nabo njengoba besebenzela ukwenza idolobha lihlanzeke futhi liphephe kubo bonke abantu.

