OMASPALA BAKWAZULU-NATAL BASEBENZISE R268 BILLION NGENDLELA ENGAFANELE
Uhulumeni waseKwaZulu-Natal usuveze ukukhathazeka ngomaspala abakhombisa ukusebenza kabi ngokusetshenziswa kwemali okungagunyaziwe, okungadingekile nokumosayo, njengoba kukhula ukukhathazeka ngokwehla kokuphathwa kahle kwezimali nokwehluleka kokuletha izidingo zomphakathi. Lokhu kulandela ukukhishwa kombiko weNational Treasury i-Strengthening Municipal Financial Management – MFMA Compliance 2024/25, oveza ukuthi izimali zomasipala sezifika ku-R268.13 billion ezichithwe ngendlela engahambisani nemithetho noma echithwe ngaphandle kwesidingo. UMnyango wezeziMali…

