Kuboshwe umsolwa wesibili mayelana nokubulawa kwelungu le-EFF, uMonica Dube, eWallmannsthal eGauteng.UDube wadutshulwa wabulawa phambi kwamalungu omndeni wakhe emzini wakhe ngoJuni.
UMsolwa uboshwe yi-Gauteng Political Killings Task Team kulandela uphenyo oluqhutshwe ngolwazi oluqoqwe ngamaphoyisa.Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseCullinan ngoLwesithathu,ziyi-7 Okthoba 2026, lapho ezobhekana khona necala lokubulala.
Umsolwa wokuqala, uSipho Mahlangu, waboshwa ngoJulayi futhi usevele kaningi enkantolo. Usagcinwe esitokisini njengoba uphenyo luqhubeka.
