Abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-38 no-45 bazovela eNkantolo kaMantshi yaseLadysmith namuhla. Baboshwe yi-uThukela District Intervention Task Team kuBlue Bank Road ngemuva kokutholwa kwezimoto ezimbili okusolwa ukuthi bezisetshenziswa ukuthutha izidakamizwa.
Amaphoyisa athole amasaka ensangu ecindezelwe anesisindo esingu-270kg, anenani elilinganiselwa ku-R135 000.
Abasolwa kusolwa ukuthi bazame ukufumbathisa amaphoyisa ngemali ukuze badedelwe, kodwa amaphoyisa anqaba. Icala lokuzama ukufumbathisa selifakiwe ecaleni labo.
