UNgqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, unxuse abazali nabanakekeli ukuthi baqinisekise ukuthi izingane zabo zithola yonke imigomo ngesikhathi.
USimelane ubekhuluma ngesikhathi kunohlelo loMnyango Wezempilo i-Isibhedlela Kubantu eSithambi Sportsfield ePhongolo,ngaphansi kwesifnda saseZululand, lapho izinsiza zezempilo zisondezwe khona emphakathini.Uthe kunokukhathazeka okukhulu ngokwehla kwesibalo sezingane ezithola imigomo, wathi lokhu kuzibeka engcupheni yezifo ezingagwemeka.
UMnyango uhlose ukufinyelela okungenani ku-90% ekugomeni izingane, kanti abazali banxuswa ukuthi bahlole ama-Road to Health Booklet ezingane ukuze baqinisekise ukuthi imigomo itholwa ngesikhathi.
USimelane uphinde wagcizelela ukubaluleka kokuhlolwa komdlavuza womlomo wesibeletho nowebele kwabesifazane. Uthe ukuhlolwa kusenesikhathi kungasiza ekutholeni izinguquko ngaphambi kokuba zibe umdlavuza.
Abesifazane banxuswe ukuthi baqale ukuhlolwa komdlavuza womlomo wesibeletho kusukela eminyakeni engu-25, kanti abaphila negciwane lesandulela ngculazi kufanele bahlole kusukela ngesikhathi betholakala benalo.
USimelane uphinde wakhumbuza umphakathi ngokubaluleka kokunakekela impilo yengqondo, njengoba uMfumfu uyiMental Health Awareness Month.Uthe i-Isibhedlela Kubantu ihlose ukusondeza izinsiza zezempilo nolwazi kubantu, ikakhulukazi emiphakathini eswele ukufinyelela kalula ezinsizeni.
