Umndeni waseNtabamhlope wavuka mhla zingama-21 kuMandulo 2026 wathola ukuthi iveni yawo intshontshiwe. Umndeni wabikela amaphoyisa, kwavulwa icala, kwathi uConstable Ntombela weLadysmith Vehicle Crime Investigation Unit kwaba nguyena owengamela uphenyo.
UNtombela washesha wacela usizo emphakathini, kwatholakala imininingwane eyamholela endaweni yaseSitulwane. Lapho kutholwe izingxenye ezahlukene zeleveni, okubalwa kuzo u-gearbox namathayi. Umsolwa oneminyaka engu-27 waboshwa wayiswa eBergville SAPS.
Olunye ulwazi oluqoqwe endaweni lwaholela amaphoyisa eRookdale khona eVergville, lapho okusolwa ukuthi leveni yahlinzelwa khona. Amaphoyisa athola injini, aphinde abopha omunye umsolwa oneminyaka engu-41.
Uphenyo lwaqhubeka lwaze lwafika eBethany, lapho kwatholakala khona ingxenye yangaphambili yemoto. Omunye umsolwa oneminyaka engu-35 walandelelwa wabe eseboshwa.
Bonke abasolwa bavele eBergville Magistrates’ Court. Ababili babo bagcinwe esitokisini ngesikhathi uphenyo luqhubeka.
