IKhomishana yoKhetho (IEC) namuhla ibambe umcimbi eLadysmith Civic Hall, lapho abamele amaqembu ezepolitiki kanye nabazimele bezokhetho behlangane khona ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya oluzoba mhla zine kuLwezi 2026.
Lo mcimbi ubuhlose ukulungiselela izinhlangothi ezahlukene ukuthi zibambe iqhaza okhethweni ngendlela enokuthula, ngokuhlonipha uMthetho Wokuziphatha Wokhetho. Abaholi bezepolitiki nabamele amakhandidethi basayine isifungo sokuhlonipha imigomo yokhetho nokuzibophezela ekutheni imikhankaso iqhutshwe ngendlela efanele.
Kuphinde kwaba nomkhuleko ohlanganise abaholi bezinkolo ezahlukene, okubalwa ubuKrestu, ubuMuslim, ubuHindu, ubuJuda, izinkolo zendabuko, ubuRastafari kanye namaNazaretha, lapho bekuthandazelwa ukuthula nokuzwana ngesikhathi sokhetho.
Phakathi kwezikhulumi kube nguDistrict IEC RAM uMpumelelo Sithebe, uMxolisi Ntuli woMnyango wezokuPhepha koMphakathi, uBrigadier Khanyi we-uThukela District SAPS, uMqondisi wezokuShushisa uMxolisi Ndlovu kanye neMantshi uMichelle Geldenhuys, naye ofunde isandulela soMthetho Wokuziphatha Wokhetho.
Lo mcimbi ube yithuba lokuthi abathintekayo bazibophezele ekutheni ukhetho luqhutshwe ngokuthula, ngokukhululekile nangokuhloniphana.
