KUBOSHWE OWESIFAZANE OSOLWA NGOKWEBA EZITOLO EZEHLUKENE EMNAMBITHI

Owesifazane oneminyaka engu-41 uboshiwe eMeyerton eGauteng ngemuva kokusolwa ngokweba izinto ezahlukene ezitolo zasemnambithi. Kuthiwa utholakale ehamba nge-double cab bakkie egcwele impahla angakwazanga ukuyichaza ukuthi uyithole kuphi. Le mpahla ibihlanganisa ama-electric blanket, ukudla, inyama, izingubo, izinto zehardware kanye nezitsha. Amaphoyisa asola ukuthi le mpahla yebiwe ezitolo eziningi ezehlukene eMnambithi nakwamanye amadolobha asondelene noMnambithi. Uphenyo luqale lapho…

Read More

UMPHAKATHI WASEZAKHENI WEMUKELE ISIGWEBO ESINIKWE UMLISA(23) OWANUKUBEZA IZINGANE EZIMBILI

Umlisa okuthiwa ubesatshwa kakhulu emphakathini waseZakheni namaphethelo, ugwetshwe yiNkantolo yase-Ezakheni odilikajele ababili ngamacala amabili okudlwengula. Lesi sigameko senzeka mhla zingama-25 kuNhlaba 2025 lapho kuthiwa lomlisa oneminyaka engu-23 wakhohlisa khona umfana oneminyaka engu-6 nentombazane eneminyaka engu-8 ngokuthi uzobathengela ukudla, wase wabayisa emzini wakhe. Umakhelwane wabona bengena endlini wasola ukuthi kukhona okushaya amanzi, kwathi uma bengaphumi wabiza…

Read More

UMEYA WASE-ALFRED DUMA UFISELE IZAKHAMIZI IPHASIKA ELINEZIBUSISO NELIPHEPHILE

UMeya wase Alfred Duma Local Municipality, uMhlonishwa Zama Sibisi, ufisele izakhamuzi iphasika elihle neliphephile. Ugcizelele ukubaluleka kokuphepha emigwaqeni ngesikhathi samaholide. Ucele abantu ukuthi bangasebenzisi lesi sikhathi ukuvusa izingxabano noma udlame. Uphinde wanxusa abaya ezinkonzweni ukuthi bakhonze ngokuthula futhi baqaphele izingozi zomgwaqo. UMeya uphinde waxwayisa kakhulu ngokushayela umuntu ephuzile, wathi izingozi eziningi zidalwa yilokho. Umyalezo wakhe…

Read More

UMEYA KAMASIPALA WASE-MNGENI UHLOLE UHLELO LOKUTHUTHUKISA AMAKHONO ENTSHA KWEZOLIMO

UMeya kamasipala waseMngeni ukhansela uChris Pappas uvakashele isikhungo Institute for Cooperatives and Community Economic Development esiseMerrivale ukuhlola inqubekela phambili ohlelweni oluxhaswe yilomasipala ngezimali oluthuthukisa amakhona entsha ukuze ikwazi ukubanamakhono okuqashwa noma iziqalele amabhizinisi ayo. Loluhlelo, lucija intsha eqhamuka ezinkalweni zonke zaseMngeni.kanti uhambo lwanamhlaje lukaKhansela uPappas belubheke kakhulu intsha engamashumi amabili eqhamuka emaWadini ahlukene eMngeni nefakwe…

Read More

USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEMOBA UBABA EBULALA INDODANA MAQEDE WAYISHUTHA IZITHOMBE WAZIFAKA KUFACEBOOK

namanje awukakholwa umphakathi wasendaweni yaseMoba eMnambithi ngesenzo sowesilisa okuthiwa ubulale indodana yakhe eneminyaka emibili maqede wayishutha izithombe wazifaka kuFacebook esebenzisa i-account kanina wayo. Lesi sigameko okuthiwa senzeke ngempelasonto, sishiye umphakathi walendawo umangele. Ngokwemibiko, kuthiwa lona wesilisa wathola okuthile ocingweni likamama womtwana wakhe okungazange kumthokozise, nokwadala ingxabano phakathi kwabo bobabili. Kuthiwa lensizwa ke ibe isithatha isinqumo…

Read More

UBUCHWEPHESHE OBUSHA OBUZOHLONZA OMAKHALEKHUKHWINI ABANGEKHO EMTHETHWENI EMAJELE

UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo wethule uhlelo olusha lokulandela omakhalekhukhwini abangekho emthethweni emajele akuleli. UNgqongqoshe uPieter Groenewald uthe lolu hlelo luzothatha indawo yama-signal jammer ayebangela ukuphazamiseka emphakathini. Kusukela ngo-2024 kuya ku-2025 kubanjwe omakhalekhukhwini abangaphezu kuka-41,000, kanti abangaba ngu-37,000 batholakala ngonyaka owodwa. Lokhu kukhombisa ubukhulu benkinga njengoba kuneziboshwa ezingaphezu kuka-167,000. UNgqongqoshe uphinde waveza ukuthi abanye abasebenzi bayabandakanyeka ekungeniseni…

Read More

KUDUTSHULWE KWABULAWA INKABI EPINETOWN

Kubulawe owesilisa osolwa ngokuba yinkani ngesikhathi kunokudubulanan namaphoyisa ePinetown. Lo wesilisa oneminyaka engu-41 ubefunwa ngamacala angaphezu kweshumi okubulala, ikakhulukazi ogwini oluseningizimu KwaZulu-Natal. Kuthiwa ubephezu kwezinhlelo zokusoconga esinye isikhulu saseMdoni Local Municipality. Umkhankaso ohlangene wamaphoyisa eSAPS, Crime Intelligence, Durban Metro Police kanye neK9 Unit uthole indawo abecashe kuyo ekuseni. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumbopha, kuthiwa uvulele ngenhlamvu…

Read More

KUBANJWE UMHLANGANO WOKUKHULISA IMIZAMO YEZOKUXHUMANA NAMAKHOSI KWA-NONGOMA

USomlomo kamasipala wakwaNongoma ukhansela SL Mbongwa ubambe umhlangano namakhosi,omayelana nokukhulisa amaxhama ezokuxhumana nokubambisana namakhosi kuleyandawo. Ngaphansi komasipala wakwaNongoma kunezindlu zamakhosi ezintathu okusoSuthu, Mandlakazi naseMatheni. Umasipala uthi lena ngeminye yemihlangano ebalulekile egquqguzelwa umnyango wakwaCogta okuyiwo ophethe ukusebenza kukaMaspala kanye nezindaba zabaholi bendabuko.

Read More

KUHALALISELWE I-MILFORD FC EYODLALA AMA-SEMI FINALS ENEDBANK CUP

Umasipala waseKing Cetshwayo ngokubambisana nowaseMhlathuze bahalalisele Milford FC yaseRichards Bay eyodlala ama-semi finals Nedbank Cup neTS Gallaxy FC yaseMpumalanga. UMeya uCllr SZ Dlamini ukhuthaze abadlali nezikhulu zaleli qembu ukuba ziqhubeke nokuphakamisa ifulegi laseKing Cetshwayo lapho zihamba khona. Umeya qhube wathi ukuba khona kwamaqembu aseKing Cetshwayo ebholeni lakuleli kukhuphula ezokuvakasha kuthuthukise nomnotho.

Read More

KUVUNYELWENE NGOKUBEKA IZIDINGO ZABANTU PHAMBILI EMHLANGANWENI WAMAKHANSELA ELANGALIBALELE

Umhlangano kaMasipala waseNkosi Langalibalele ubanjelwe eWembezi Council Chambers, ubuthanyelwe yiwo wonke amakhansela. Inhloso yomhlangano bekungukudingida ukusebenza kukaMasipala kanye nezindaba zokulethwa kwezidingo emphakathini. Kushayelwe ihlombe kakhulu ukuphepela kwawo wonke amakhansela nokubamba iqhaza kwawo, okwenze umhlangano waba yimpumelelo. Kuphinde kwaba yithuba lokubuyisana nokubeka phambili izidingo zomphakathi. Kubongwe kakhulu noNdabezitha abebekhona, okukhombisa ukubambisana phakathi kukaMasipala nobuholi bendabuko. Umhlangano…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved