UMeya kaMasipala waseMfolozi, uKhansela Xolani Bhengu, uvule ngokusemthethweni iDriving Licence Testing Centre entsha.Lesi sikhungo, esizoqala ukusebenza ngoNovemba, sizohlinzeka ngezinsizakalo zokuhlolelwa amalayisensi okushayela kanye nokuvuselelwa kwama-disc ezimoto.
Ososeshini bezikole zokushayela bakwamukele ukuvulwa kwalesi sikhungo, bethi sizosiza abantu baseMfolozi kanye nezindawo ezakhelene nawo.
UMeya uBhengu uphinde wavula iNzalabantu Sports Field eWard 16 kanye ne-Outdoor Gym eWard 6.
Uphinde wethula izinsiza ezizosetshenziswa ngesikhathi sezinhlekelele, okubalwa kuzo iJaws of Life ezitholwe ngoMnyango wezokubusa ngokubambisana nezndaba zomdabu KwaZulu-Natal.
