Umphakathi usakhala ngesibhedlela okuyiso sodwa esilithemba lawo eBergville i-Emmaus Hospital.
Kamuva umphakathi ukhala ngokudlula emhlabeni kwabantwanaabancane abasuke bengeniswe kulesibhedlela abathi akujwayelekile njengoba beveza nezinsolo zokucinywa kwemishini esuke ilekelela labantwana.
Lesibhedlela sihlale sihlale siba ngundaba mlonyeni ngezikhalo zomphakathi kodwa ezigcine zingasombululekanga kuthuleke nje.
Phambilini umphakathi uke wazwakalisa ukungaphatheki kahle ngokuhlukumezeka okuthola kuso kanye nabakubiza ngokubulawa kwabesifazane abasuke beyobeletha ,kwaze kwangenelela isigungu esiphezulu salesibhedlela savamba imihlangano nompakathi ukuzizwela izikhalo,bathembisa ukubuya bezochaza ngemiphumelo bephende bebeke izinhlelo abazozisebenzisa ukuxazulula kodwa bafulathela unomphelo abakaze babuyele emphakathini njengokuthembisa kwabo.
Abahlali bathi abasazi kumele beze bekhale kanjani kubani,noma okungcono ngukuba kwakhiwe esinye isibhedlela ngoba lesi ngathi asisalungiseki nezinkinga zaso.
