UMasipala Wesifunda Amajuba ususebenzisana nohulumeni waKwaZulu-Natal ekuqiniseni imkhankaso yokulwisana namabhizinisi angayilandeli imithetho ngaphansi komkhankaso i-Operation Engangeni Ngesango Iyafohla.
UMasipala, ngokubambisana noPhiko Lwezinsiza zomphakathi kanye nabomthetho, wenze umsebenzi wokuhlola amabhizinisi eKwaMathukuza naseNewcastle edolobheni.Lomsebenzi ubheke amabhizinisi, izitolo ezingama-spaza nezindawo zokusebenza okusolwa ukuthi zisebenza ngaphandle kwezimvume ezifanele noma ziqasha abantu bokuika bakuleli ngokungemthetho.Izikhulu ziphinde zahlola ukuthi amabhizinisi ayayithobela yini imithetho yezabasebenzi, amaholo amancane, imithetho yabokufika kanye nemithetho kamasipala.
IMeya yaseMajuba, uKhansela Thembelihle Mthembu, ithe umasipala uyaweseka umyalezo kaNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli wokuthi kuqiniswe ukuphoqelelwa komthetho.Ucele abanikazi bamabhizinisi ukuthi baqinisekise ukuthi izimvume namanye amaphepha abo asemthethweni futhi bayayithobela imithetho.
UMasipala uthe uzoqhubeka nokusebenzisana nezikhungo zomthetho, iBorder Management Authority kanye nezinhlaka zomphakathi ukuze kubhekwane nemisebenzi esolwa ngokungemthetho.
