UMasipala waseNyukhasela, oholwa uMeya uKhansela D.X Dube, uqalise umkhankaso wokuhlolwa nokucwaningwa kwama-standpipe amanzi ezindaweni ezahlukene zikaMasipala.
uKhansela Dube uthumele ithimba loMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu bakaMasipala ukuba liyohlola futhi licwaninge ama-standpipe amanzi asetshenziswa umphakathi.
Lomkhankaso oqale esigcemeni u6 uhlose ukuqinisekisa ukuthi lezi zindawo zokuthola amanzi ziyasebenza ngendlela efanele, zisesimweni esikahle futhi zisetshenziswa ngokufanele.UMasipala unxuse umphakathi ukuthi ubambisane nethimba elenza lo msebenzi futhi ugweme ukumosheka noma ukuxhunywa kwamanzi ngokungemthetho.
