INkantolo yesiFunda eScottburgh igwebe indoda eneminyaka engu-37 ubudala iminyaka engu-15 ibhadla ejele ngemuva kokutholakala enecala lokudlwengula owesifazane eBraemer, eningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal, ngoMeyi 2024.
Inkantolo ithole ukuthi ummangalelwa walandela umgilwa ngesikhathi eya esitolo, wamdonsela ehlathini wabe esemdlwengula. Izingane ebezidlala eduze zezwa ukukhala komgilwa zaphuthuma endaweni yesigameko, lapho umsolwa abaleka khona.Umgilwa waphuthunyiswa esibhedlela kwathi ummangalelwa waboshwa ngemuva kokuhlonzwa ngumgilwa.
Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi uThanusha Govender ubize umgilwa, amalungu omphakathi kanye nodokotela owamhlola. Umgilwa utshele inkantolo ukuthi lesi sigameko simshiye enovalo futhi ephazamisekile ngokwengqondo.Inkantolo ithe azikho izizathu ezivumelekile zokwehlisa isigwebo esibekiwe seminyaka engu-15.Ngaphezu kwalokho,igama lakhe lizofakwa ohlwini lukazwelonke lwabenzi bobugebengu bocansi.
#uthukelanews
