Umdlali webhola uMokete Sean Mogaila,oneminyaka engu 29 ubudla owayedlalela iSekhukhune United, ulivumile icala lokubulala ngokungenhloso kanye nokwehluleka ukusiza ngemuva kwengozi yemoto eyenzeka eTembisa.
lengozi yenzeke ngoOkthoba 2024 ku-Andrew Mapheto Road, lapho imoto ayeyishayela yashayisana nenye imoto eyayihamba owesifazane nezingane zakhe ezimbili,kuleyongozi kwashona intombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye, uGomolemo Mavimbela, kwathi unina nomfowabo oneminyaka engu-13 balimala kanzima.
UMogaila wabaleka endaweni yesigameko , kodwa babuye wazinikela emaphoyiseni ngalolo suku, uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekutheni kutholakale amabhodlela otshwala nezidakamizwa emotweni yakhe. INkantolo yeMantshi yaseTembisa imthole enecala kuwo wonke amacala abhekene nawo.Icala lihlehliselwe umhlaka-17 Novemba 2026 ukuze agwetshwe.
