Iqembu iDemocratic Alliance (DA) lethule abangenele ukhetho lobukhansela esifundeni sase-UThukela, emcimbini obubanjelwe eDurnford’s Lodge eMnambithi.
Lo mcimbi ubuhanjelwe nguMaliyakhe Shelembe, oyilungu lePhalamende elimele iDA KwaZulu-Natal, kanye noMEC wezeziMali KwaZulu-Natal, uFrancois Rodgers.
Abaholi beqembu banxuse abazongenela izikhundla zobukhansela ukuthi bagxile ekusebenzeleni umphakathi, bagcine izinga eliphezulu lokuziphatha futhi benze izinqumo ezizuzisa izakhamuzi.
I-DA ithe uma ithola ithuba lokuphatha ngemuva kokhetho loHulumeni Basekhaya, izogxila ekubhekaneni nezinkinga ezikhona kanye nokulungisa lokho elikubiza ngamaphutha obuholi obukhona.
Iqembu lithe abazongenela ukhetho kufanele bakulungele ukubhekana nezinselelo ezibhekene nomphakathi, ikakhulukazi ezindabeni zokuhlinzekwa kwezinsiza, ukuphathwa komasipala kanye nokuthuthukiswa kwezindawo.
