I-KwaZulu Private Ambulance Service icelwe ukuthi iphuthume emgwaqweni u-Old Howick, eMgungundlovu izolo ntambama. Ngesikhathi befika endaweni yesigameko, abezimo eziphuthumayo bathole imoto ebichezukile emgwaqeni. Ababili abebephakathi, umama nendodakazi yakhe bathole imihuzukwana. Zombili iziguli…
Category: Izindaba Zomphakathi
KUTHUNGATHWA UMLISA OSOLWA NGOKUDUBULA ABULALE ISIKHULU SAMATEKISI E-KZN
AMAPHOYISA aseKZN anxusa umphakathi ukuthi uwasize uthungathe umsolwa ngokuhlaselwa kwamawele elokishini laseMpumalanga OGAMA LAKHE kunguMpiyakhe Thobani Mbatha. Umsolwa oneminyaka engu-25 uthungathwa mayelana necala lokubulala uMnuz Mphilisi Ngubane owayengusihlalo weFredville Taxi Association. UMbatha…
KUBOSHWE UMLUNGU OWAQOLA OWESIMAME ISAMBA ESINGAPHEZU KUKA R300 000 EMTHEMBISA UKUMSIZA NGEBHIZINISI
OKlebe basanda kubopha uPieter Antonio Dupper, owabandakanyeka ecaleni lokukhwabanisa elaqala ngo-2007, lapho eqola khona owesifazane u-R378,000. Ngokusho kwemithombo, uDupper waqinisekisa owesifazane, ongumnikazi wesitolo esibizwa esiyi-Frenchise ukuthi udinga ukumkhokhela ilungelo lokusebenzisa igama. U-Dupper…
UPHENDUKE IQHAWE UMSHAYELI WETEKISI ETETISA OWESIMAME OLUNDI
UPHENDUKE iqhawe umshayeli wetekisi, uNtuthuko Buthelezi, ngesikhathi owesifazane etekisini yakhe efikelwa imihelo kungazelelwe. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi uButhelezi ehambisa abagibeli, washeshe wabona ukuthi lo wesifazane udinga usizo ngokushesha. Njengoba engasenasikhathi sokufika esibhedlela,…
UYELULAMA ESIBHEDLELA ODUTSHULWE ONOGADA ETHEKWINI
Umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela okubikwa ukuthi udutshulwe ngonogada eThekwini. Lesi sigameko senzeke ekhoneni lika-Dr Pixley KaSeme no-Stalwart Simelane enkabeni yedolobha, ngoMsombuluko ekuseni. Okhulumela abosizo lokuqala be-ALS, uGarrith Jamieson, uthe bafice le ndoda eneminyaka…
IJABULISWE UKUQOKWA KOWAMA-CROWN GOSPEL AWARDS INTOKAZI YASEMNAMBITHI
ihluleka nawukuzibamba intokazi yasemnambithi eqokelwe kweyamaCrown Gospel Awards alonyaka. UMmangaliso Vena owaduma kakhulu ngokufinyelela kowamanqamu emncintiswaneni wama-Idols ngonyaka ka 2020, uqokelwe emunxeni weBest new Comer kulomqhudelwano wezindondo ongomunye omkhulukazi kuleli. Kulomunxa, lentokazi…
KUCELWA IMIBONO YOMPHAKATHI MAYELANA NOKUSHAWA KOMTHETHO WOKUFINYEZA UKUTHOLAKALA KALULA KOGWAYI KULELI
Ikomidi lezempilo ePhalamende liKwaZulu-Natal ukuzolalela imibono yezakhamizi, ikakhulukazi intsha, mayelana nesiphakamiso semithetho kagwayi. Libhekise amabombo eGreenwood Park eThekwini ngeSonto ekuseni. “Kulabo abeseka lo mthethosivivinywa, bathi empeleni unomthelela othile esimweni sempilo. Bayakwamukela ukuthi…
UZOGCINWA ESITOKISINI UMLISA OSOLWA NGOKUGWAZA ABULALE INTOMBI YAKHE
UThabo Godfrey Lekwa oneminyaka engu-38 ubudala ugqunywe esitokisini kuze kube yilapho ephinde avela enkantolo ngoMsombuluko, 09 December 2024. ULekwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseLehurutshe ngoLwesibili, 05 November 2024, ngecala lokubulala. Umsolwa uvele enkantolo…
KUTHUNGATHWA UMLISA OYINGOZI OWEQE EJELE LASEBOKSBURG
Kweqe isiboshwa esiyingozi eBoksburg Correctional Centre eGauteng. UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uthi uMartin Jackson udonsa isigwebo seminyaka engu-20 ngamacala okugebenga, ukweba kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Akucaci ukuthi weqe kanjani. UMnuz Singabakho Nxumalo…
KUDUTSHULWE KWABULAWA OKUSOLAKALA UKUTHI BEBESENDLELENI YOKUYOBULALA USOMATEKISI EMAHLABATHINI
Abasolwa ababili badutshulwe bashona ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eMahlabathini esiFundeni saseZululand ngoLwesithathu ebusuku, mhla ziyisi-6 kuLwezi wezi-2024. Amaphoyisa ezobunhloli aqoqe ubufakazi ngabasolwa ababili abebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo ebomvu okuthiwa bebesendleleni beyobulala umnikazi…
LITHI KUSAKALA ESALO ISICATHULO IKHANSELA LASEMSUNDUZI ELAXOSHWA NGENYANGA EDLULE
Ikhansela le-IFP elaxoshwa uSibusiso Ntuli uphonsela inselelo ukhetho lokuchibiyela kuWadi 2 eMsunduzi, ethi useyilungu le-IFP kanye nekhansela lendawo. UNtuli uxoshwe ngenyanga edlule umkhandlu kazwelonke we-IFP ngenxa yokungaziphathi kahle, nokho uthi uhlelo lwakhe…
KUDINGEKE ATHATHWE NGENDIZA ENOPHEPHELA EMHLANE OLIMALE ENGOZINI YEMOTO
Uvalwe okwesikhashana umgwaqo u-M19 ePinetown ukuze indiza enophephela emhlane yezokwelapha ihlale ukuze iphuthumise isiguli esilimele kanzima esibhedlela. Abezimo eziphuthumayo balaphe owesilisa owayelimale engozini yemoto eyodwa ngaphansi kweBhuloho i-Otto Volek ngoLwesithathu ekuseni. Imoto…