Okungenani abanikazi bezitolo abayisikhombisa abangenazo izincwadi zabokufika abasolwa ngokudayisa ukudla osekuphelelwe yisikhathi enyakatho ye-KZN basezitokisini. Lokhu kushiwo yiziphathimandla ezithi leli qembu libanjwe yithimba eliphenya izinga lokudla okudayiswe eMtshezi ngoLwesithathu. Kuthiwa baphinde batholakala…
Category: Izindaba Zomphakathi
KUBOSHWE UMFUNDI KAMATIKULETSHENI KUGWAZWA KUBULAWA OMUNYE UMFUNDI
Amaphoyisa abophe umfundi ka-matric ngecala lokuzama ukubulala. Lo mfundi uthathwe kulandela isigameko sokugwazwa ngaphandle kwesikole eMerebank, eningizimu yeTheku, ngoLwesithathu. Omunye umfundi ushiywe elimele kanzima. Okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshiunda uthe isikhwama sesikole…
UKHOZA USAZOQHUBEKA NOKUQHOQHOBALA ILIGI EMINYE IMINYAKA EMINE
UDkt Irvin Khoza usigcinile isikhundla sakhe njengosihlalo weNational Soccer League eminyakeni emine ezayo. Ukhoza ubesephethe iligi kusukela ngo-2003. Abanye abaphathi bamaqembu abane nabo bazigcinile izikhundla zabo ekomidini eliphezulu elisha. Kuphinde kwaqokwa uKaizer…
KULIMALE ABABILI KUPHANGWA IMOTO YEMALI KUTHELAWAYEKA U-N2
Onogada ababili abalimele ngesikhathi kuphangwa imali yemoto ogwini olusenyakatho bayalulama esibhedlela. Kukholakala ukuthi bahlaselwe yizigelekeqe emgwaqeni u-N2 ngaseMandeni ngoLwesibili ebusuku. Izithombe ze-video zalesi sigameko, ezishuthwe abashayeli, sezisakazwe ezinkundleni zokuxhumana. Isiqeshana esisodwa sathwebula…
AWENEME APHIKISAYO NGONGAHLE AQOKWE NJENGEMEYA ENDUMENI
NgoLwesine kuzoba nokhetho olusha lobumeya eNdumeni, kulandela ukwesula kweMeya uMnuz Siyabonga Ndlovu. Nokho abaholi bamaqembu aphikisayo bakhathazekile ngalowo okuthiwa angase abekwe ngaphansi kweqembu le-IFP abathi akanawo amava omkhandlu futhi angase aphathwe yizikhulu…
KUZOPHENYWA NGEPHOYISA ELIBONAKALE LIVULELA ISIBHAXU KUMLISA OTHILE ETHEKWINI
UKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uMnuz Nhlanhla Mkwanazi, uyalele ukuthi kuphenywe iphoyisa elibanjwe yikhamera lishaya owesilisa. Kulesi siqeshana esisabalale ezinkundleni zokuxhumana iphoyisa libonakala lishaya ngempama lishova le ndoda endaweni yasePhoyinti eThekwini. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni,…
BAQOLWE ISAMBA SIKA-R250 000 ABESIFAZANE BEHLASELWA BEHLUKANISA ISITOKUFELA
Owesifazane waseVhembe, eLimpopo, ukhungathekile ngemuva kokwebiwa kwezimali zeqembu lesitokofela ngesikhathi lilungiselela ukuhlukanisa imali yamaholide. “Angazi ukuthi ngizobhekana kanjani nezingane zami kulo Khisimusi,” esho ekhala izinyembezi ukuthi yonke imali eziyisebenzele kanzima isiphelile. Iqembu…
UFUNA ZIVALWE ZONKE IZITOLO ZABOKUFIKA UMPHAKATHI WAKWAMASHU EMVA KOKUTHOLAKALA KWEPHAKETHE LAMASNACKS LINAMAPHILISI
Uthukuthele ugane unwabu umphakathi waselokishini lakwaMashu eThekwini emva kokutholakala kwamaphilisi ephaketheni lamaSnacks adayisa kwesinye sezitodlwana esiyisiPhaza. ngokwemibiko kuthiwa enye yezingane ithenge amasnacks kwesinye salezi zitolo ngesikhathi isendleleni ilibhekise esikoleni, nokuthe uma ilivula…
KUDUTSHULWE KWABULAWA OWESIFAZANE ENDAWENI YASEMBUZWENI EMNAMBITHI
Usathuthumela umphakathi wasendaweni yasembuzweni eMnambithi ngesigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane namuhla ekuseni kulendawo. Ngokwemibiko yabazibonele, kuthi lona wesifazane ubeme esitobhini okusolakala ukuthi ubelinde izimoto zokuhamba ngesikhathi kuqhamuka umlisa okusoalakala ukuthi bayizilobo naye maqede…
KUTHE AKAHLANYE UMBHORO ENQATSHELWA UKUKHULEKA ENKANTOLO
Ozibiza ngomphrofethi, uPaseka ‘Mboro’ Motsoeneng, utshele izintatheli ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ukuthi kuyilungelo lakhe likaNkulunkulu ukuthandaza enkantolo. Lokhu kungemuva kokuba iMantshi u-Ipfi Mammburu emcele ukuthi ayeke ukuthandaza futhi ambheke. UMboro, osolwa…
LIGWETSHWE IMINYAKA EYISISHIYAGALOLUNYE IPHOYISA ELATHATHA INTSHOTSHI LIKA R5000 UKUZE LIQHUBEKE NOKUPHENYA ICALA
Owake waba yilungu leSouth African Police Services (SAPS) ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ebhadla ejele yiSpecialized Commercial Crimes Court ePalm Ridge ngoMsombuluko ngokwamukela isifumbathiso sika-R5 000 ukuze kwenziwe uphenyo. Icala elibhekene noGregory Edmund Beck,…
UMISIWE UTHISHA OSOLWA NGOKUNUKUBEZA UMFUNDI KAGRADE 10
Umisiwe emsebenzini uthisha wesikole samabanga aphezulu eGauteng osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi umfundi wakwa-grade 10 eSouthview High School, eLenasia, eningizimu neGoli. Lokhu kuqinisekiswe nguNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, othe umsolwa umisiwe emsebenzini ngoMsombuluko. Ukumiswa…