I-FlySafair igubha usuku lwayo lokuzalwa lwe-11 ngokudayisa okukhethekile kwamathikithi okundiza ngo-R11 namuhla, 7 May 2025. Ngosuku olulodwa kuphela, amathikithi endiza yasekhaya angu-50,000 atholakala ngo-R11 nje lilinye, kuhlanganisa nezintela. Indali iqala ngo-9:00 AM kuze kube ngu-11:59 PM futhi itholakala kuphela kuwebhusayithi ye-FlySafair.
Lamathikithi adayiswa, kuphela ku-www.flysafair.co.za, kuhlanganisa imizila ethile yaseNingizimu Afrika yokuhamba kusukela ngoMeyi 8 kuya kuNovemba 30, 2025.