Namuhla, uMasipala Wesifunda sasoThukela wethula izimoto ezintsha ezingamaveni ezothuthukisa ukuhlinzekwa kwamanzi. Umasipala uthole amaveni amahlanu oMnyango wezaManzi, ukuThuthwa kwendle, kanye neTechnical Services azosingatha imisebenzi yamanzi nokuthuthwa kwendle, kanye nezimoto ezimbili ezincane ukuze uMnyango wezeziMali uxhase ukufundwa kwamamitha nokuqoqwa kwemali.
IMeya iNkosi uNB Shabalala, ikhuluma ngesikhathi kwethulwa, ithe lezi zimoto ezintsha zilandela ukuchithwa kwezimoto ngo-2024, lapho kwadayiswa khona izimoto ezindala, eseziphelelwe yisikhathi. Lezi zimali zisetshenziswe ukuthenga izimoto ezintsha, okuhlanganisa namathangi amanzi ayisikhombisa athengwe ngonyaka odlule. Ugcizelele ukuthi lezi zimoto zihlose ukuthuthukisa ukusebenza kahle nokusheshisa ukulethwa kwezidingo kubantu. UShabalala uxwayise ngokusetshenziswa budedengu kwezinsiza kusebenza, wathi kuzolandela imiphumela eqinile kunoma yikuphi ubudedengu noma ukusethsenziswa ngendlela engafanele kwalezi zinsiza.
IMenenja kaMasipala u-LS Jili igcizelele umlayezo weMeya, yethembisa izinyathelo ezinqala kubashayeli abalimaza izimoto ngobudedengu. Uthe umasipala uhlela ukwandisa izimoto ukuze uqinise iminyango ebalulekile.
Umcimbi ubuhanjelwe nguSomlomo uCllr TY Nqubuka, iMenenja Jikelele: Corporate Services OS Mnguni, Imenenja eHhovisi leMeya uSiyabonga Masoka, kanye neBamba leMenenja yezimoto uLihle Mbanjwa, bekhombisa ukuzibophezela kukamasipala ezinsizakalweni ezingcono.