INkantolo yeMantshi yaseTweeling, eFree State, igwebe lowo owayengumphathi siteshi uMokete Jacob Mokoena iminyaka emithathu ebhadla ejele ngecala lokweba imfuyo, kwathi lowo asolwa naye, uLefa Elias Mahlaba, wagwetshwa iminyaka emibili. UMokoena, 58, ubengumkhuzi esiteshini samaphoyisa eTweeling kanti ubesemsebenzini ngemoto yamaphoyisa, egqoke umfaniswano ophelele, ngesikhathi kwenzeka lobu bugebengu. Wayecele umfoka Mahlaba ukuthi amphelezele. Ebusuku, lamadoda omabili anikela kwelinyelamapulazi kulendawo, lapho aqoqa khona izimvu ezinhlanu, azibopha ngezintambo futhi esebenzisa ithoshi lamaphoyisa likaMokoena, elalinophawu lwamaphoyisa.
UMokoena noMahlaba baba nebhadi lokuthi babonwe ngonogada kuleli pulazi besematasa beqiqinga izimvu bezifaka evenini. Laba ababili babaleka ngemoto yamaphoyisa kodwa babanjwa. Endaweni yesigameko, amaphoyisa athole ithoshi likaMokoena eduze kwemvu eyayihlatshiwe. Enye imvu yayibulewe yafakwa izikhwameni, kwathi ezintathu zatholwa ziboshiwe kodwa ziphila. UMokoena uqale waphika ukuthi ungumnikazi wethoshi kodwa wabuye wavuma ukuthi ngelakhe. Ukuhlolwa kolibofuzo kwaxhumanisa uMahlaba nezimvu ezihlatshiwe.
Ukuqulwa kwecala kube nokubambezeleka njengoba uMokoena eshintsha abameli kathathu, kodwa umshushisi oholwa ngu-Adv Jacques Harrington, wafakazela leli cala ngempumelelo. Bobabili abasolwa balahlwe yicala, uMokoena yena wathola isigwebo esinzima ngenxa yeqhaza lakhe njengephoyisa.