UMPHAKATHI WASEZAKHENI WEMUKELE ISIGWEBO ESINIKWE UMLISA(23) OWANUKUBEZA IZINGANE EZIMBILI
Umlisa okuthiwa ubesatshwa kakhulu emphakathini waseZakheni namaphethelo, ugwetshwe yiNkantolo yase-Ezakheni odilikajele ababili ngamacala amabili okudlwengula. Lesi sigameko senzeka mhla zingama-25 kuNhlaba 2025 lapho kuthiwa lomlisa oneminyaka engu-23 wakhohlisa khona umfana oneminyaka engu-6 nentombazane eneminyaka engu-8 ngokuthi uzobathengela ukudla, wase wabayisa emzini wakhe. Umakhelwane wabona bengena endlini wasola ukuthi kukhona okushaya amanzi, kwathi uma bengaphumi wabiza…

