Uphume ngobuningi umphakathi waseMnambithi namhlanje esbhedlela iLadysmith Regional Hospital lapho lamalungu omphakathi ethole izinsiza zezempilo mahhala njengoba bekunohlelo sohlelo lokuqwashisa ngezempilo obelubanjelwe.
Loluhlelo luyingxenye yomkhankaso woMnyango Wezempilo waKwaZulu-Natal, olwaziwa ngoMkhankaso Omkhulu Wokuhlolwa Kwezempilo, ohlose ukukhuthaza abantu ukuthi bahlole impilo yabo njalo futhi bathole ngezifo abangaba nazo kusanesikhathi.
Loluhlelo lugxile kakhulu ekuhlinzekeni abesifazane ngezinsiza zezempilo kanye nolwazi oludingekayo ukuze bakwazi ukunakekela impilo yabo.

Phakathi kwabebeyingxenye yalolu hlelo bekukhona ,iziphathimandla zesibhedlela abasebenzi ,izikhulu zomnyango ngaphansi kwesifunda sasoThukela,amalungu omphakathi kanye noMnu Maphisa, oyiChief Communications and Media Liaison kanye noMkhulumeli woMnyango Wezempilo waKwaZulu-Natal.
Abesifazane abebehambele lo mcimbi bathole ithuba lokusebenzisa izinsiza ezahlukene, okubalwa kuzo ukuhlolelwa iHIV, isifo sofuba , umfutho wegazi, ushukela egazini, ukuhlela umndeni kanye nezinye izinsiza eziphathelene nezempilo.Lomkhankaso uhlose ukusondeza izinsiza zezempilo emiphakathini kanye nokukhuthaza abantu ukuthi babhekelele impilo yabo.
Ekhuluma kulomcimbi uMnz Maphisa obemele uNgqongqoshe wezempilo uthe,loluhlelo luqale kuqala inyanga yabantu besifazane, ngaphansi kwezifunda ezahlukene,waqhuba ngokuthi abesifazane nomphakathi jikelele bayakhuthazwa ukuthi basebenzise izinsiza zezempilo ezitholakalayo futhi basheshe bafune usizo lwezempilo uma bebona izimpawu ezingajwayelekile.
