Umndeni kanye nomphakathi waseMnambithi usakhathazekile ngokunyamalala kukaVivaganathan “Tony” Pillay, owaziwa kakhulu ngoNyanga Yezizwe, kanye nonkosikazi wakhe uJanet Pillay. Laba bobabili baphakathi kwabantu abayisithupha baseNingizimu Afrika abangakatholakali ngemuva kwezikhukhula ezibhubhisayo ezenzeke eNepal.
uTony waziwa kakhulu eMnambithi ngobunyanga kanye nangeKhemisi lakhe Kwanyanga Yezizwe elidayisa imithi yesintu ku-Alexandra Street kuleli dolobha.
I-Gift of the Givers kanye noMnyango Wezobudlelwano Namazwe aphesheya (DIRCO) bayaqhubeka nemizamo yokuthola ukuthi bagcine kuphi laba bantu.
UDkt Imtiaz Sooliman weGift of the Givers uthi kuze kube manje akukabi bikho ukuqinisekiswa kokuthi bakuphi. Uthi imizamo yokusesha nokutakula ibhekene nezinselelo ezinkulu ngenxa yokudilika komhlaba, udaka oluningi kanye nokuphazamiseka kwezokuxhumana.
Abanye abantu baseNingizimu Afrika abangakatholakali bahlanganisa uBavila Ramjee (43) wase-East London, uTerricia Govender (33) wase-Isipingo Beach, kanye noSurendranath Maharaj (74) nonkosikazi wakhe uAnita Devi Maharaj (67).
Umndeni nomphakathi uyaqhubeka nethemba lokuthi bonke laba bantu bazotholakala bephephile.
