Izakhamuzi zaseLakeside eWard 22, eVryheid, sezizokwazi ukusebenzisa inkundla entsha yezemidlalo kanye nejimu yangaphandle.UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, nguyena owethule ngokusemthethweni lendawo ngesikhathi kunomcimbi obuhanjelwe umphakathi.Lendawo kulindeleke ukuthi ikhuthaze indlela yokuphila enempilo, ithuthukise intsha futhi ikhuthaze izakhamuzi ukuba zibambe iqhaza kwezemidlalo nezokungcebeleka.
UMeya kaMasipala wendawo AbaQulusi,uKhansela Sifiso Mkhwanazi,uithe umasipala uzibophezele ekuthuthukiseni lendawo ukuze ibe yipaki enhle yezokungcebeleka ezosetshenziswa yizakhamuzi zaseVryheid.Njengengxenye yokubambisana phakathi komnyango nezikole, izikole ezahlukene ngaphansi kukaMasipala AbaQulusi ziphinde zanikezwa izinsiza zemidlalo, okuhlanganisa amabhola nokunye.Izakhamuzi zaseLakeside zamukele le phrojekthi, zathi ziyabonga ngokutshalwa kwezimali kwezemidlalo, ezokungcebeleka kanye nokuthuthukiswa komphakathi.
