UNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo, uSiviwe Gwarube, uthi kudingeka imali elinganiselwa ku-R120 billion ukuze kwakhiwe amanye amakilasi nezinsiza zangasese ezikoleni zikahulumeni eNingizimu Afrika.
UGwarube uthe ukwanda kwesibalo sabafundi sekubeka ingcindezi enkulu ohlelweni lwezemfundo, nokwenza kudingeke ukuthi uhulumeni asebenzisane nezinkampani ezizimele ukuze kuthuthukiswe ingqalasizinda yezikole.
Ukhulume kanje ngesikhathi kuvulwa isikole i-Leap 9 Maths and Science eKariega, e-Eastern Cape. Uthe ikusasa lengane akumele linqunywe yindawo ezalelwe kuyo.UGwarube uphinde wathi ukwakhiwa kwezikole kumele kuhambisane nokuthuthukiswa kwemiphumela yokufunda, ikakhulukazi ukufunda, ukubhala, izibalo, iMathematics neSayensi.
Uthe kuyakhathaza ukuthi izingane eziyisishiyagalombili kweziyishumi azikwazi ukufunda ziqonde incazelo yombhalo lapho sezineminyaka eyi-10.
Ucele amabhizinisi amaningi ukuthi asebenzisane nohulumeni ekuthuthukiseni izikole, ekuqiniseni ukufundiswa kweMathematics neSayensi nasekuvezeni abafundi emathubeni emisebenzi yesikhathi esizayo.
