Yellow crime scene do not cross barrier tape in front of defocused background. Horizontal composition with selective focus and copy space.
Abantu abathathu, okubalwa kubo abesilisa ababili abaneminyaka ephakathi kuka-35 no-37 ubudala kanye nowesifazane oneminyaka engu-33 ubudala , bavele eNkantolo kamaMantshi yase-Estcourt naseBergville ekuqaleni kwaleli sonto.Laba basolwa baboshwe yiThimba uThukela District Intervention Task Team kulandela ukuthola ulwazi oluholele ekutheni baboshwe.
Owesilisa oneminyaka engu-35 waboshwa emzini wakhe enkabeni yedolobha lase-Estcourt ngoLwesibili ekuseni. Kuthiwa yatholakala nesibhamu esingu-9mm kanye nezinhlamvu ezimbili.NgoLwesithathu ekuseni, ithimba laya endaweni yase-Emmaus eBergville, lapho labopha khona owesilisa oneminyaka engu-37. Kuthiwa wayenesibhamu esingu-9mm esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eziyishumi,kanti owesifazane oneminyaka engu-33 ubudla naye waboshwa ngemuva kokuseshwa komuzi wakhe, lapho kuthiwa kwatholakala khona isibhamu esingu-9mm kanye nezinhlamvu ezintathu.
Zonke izibhamu ezitholakele zizohlolwa ngokobuchwepheshe be-ballistics ukuze kutholakale ukuthi awekho yini amacala enziwa ngazo.
