KUDUTSHULWE KWABULAWA USOMABHIZINISI NOMNGANI WAKHE EMNAMBITHI

Kudutshulwe kwabulawa usomabhizinisi waseMnambithi uMndeni Nxumalo wasendaweni yase-Uitvaal kanye nomngani wakhe uLindokuhle Mkhwanazi ngoMgqibelo ebusuku. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke endaweni yaseMaqanda khona eMnambithi. UNxumalo ubengumnikazi wenkampani yonogada iZSI Security. Amaphoyisa aqinisekise ukuthi bobabili badutshulwe bashona endaweni yesigameko. Imbangela yalokhu kubulawa ayikaziwa okwamanje, kanti amaphoyisa aseqalile uphenyo ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni nokuthi obani abathintekayo kulesi…

Read More

UMNYANGO WEZOKUTHUTHA ULETHE UHLELO LWE-SHOVA ENDAWENI YAKWAHLATHI

iPhini likaNgqongqoshe Wezokuthutha uMhlonishwa M. Hlengwa emkhankasweni weBack-to-School Career Expo kanye nohlelo lweShova Kalula uvakashele e-Alfred Duma. Lo mcimbi ubanjelwe eSgweje High School kwaHlathi, lapho kuhlangene khona abafundi abavela ezikoleni ezahlukene. Kulolu hlelo abafundi banikezwe amabhayisikili ukuze kube lula ukuya nokubuya esikoleni, kuthuthukiswe ukufinyelela ezikoleni, ukufika ngesikhathi kanye nokuphepha kwabafundi.

Read More

UMKHANDLU WASE-INKOSI LANGALIBALELE WETHULE IVENI ELISHA KANYE NAMA-SKIP BIN OKUQINISEKISA UKUHLANZEKA

Ubuholi boMkhandlu Inkosi Langalibalele Local Municipality kuholwa yiMeya uMduduzi Myeza bethule ngokusemthethweni iveni elisha kanye nama-skip bin azosetshenziswa uMnyango wakwaCommunity Services ngaphansi kohlangothi lweWaste Management. Lama-skip bin kulindeleke ukuthi asize uMkhandlu ekuqoqeni imali ngokuwabolekisa noma ukuwaqashisa kumabhizinisi, kanti futhi azosiza ekunqandeni ukulahlwa kwemfucuza ngokungekho emthethweni emiphakathini. Iveni elisha lizolekelela ukuthutha abasebenzi kanye namathuluzi, futhi liqinise…

Read More

INYUNYANA YABASEBENZI ISAMWU IHLELA UMBHIKISHO NGODABA LUKAMASPALA WESIFUNDA SOTHUKELA

Inyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers’ Union (SAMWU) isimemezele ukuthi izoya emigwaqeni ngoMsombuluko mhla ziyi-9 kuNdasa 2026 ikhombisa ukungagculiseki ngendlela okuqhutshwa ngayo uMasipala wesiFunda sasoThukela. Le nyunyana ithi isimo sikamasipala sesifinyelele ezingeni elibucayi ngenxa yezinsolo zokuphathwa kabi kwezimali, ukungasebenzi kahle kwabaphathi kanye nokungaqiniseki ngemiholo yabasebenzi. ISAMWU ithi abasebenzi kanye nomphakathi abasakwazi ukuthula njengoba izinsizakalo…

Read More

UMASPALA UTHUKELA LUVAKASHELE I-THOLITHEMBA HIGH SCHOOL NEZIPHO

UMASIPALA wesifunda sasoThukela uvakashela iTholithemba High School eZwelisha, eBergville. Ithimba beliholwa nguSomlomo woMkhandlu, uCllr Nqubuka, ehlangene nethimba bakhuthaze abafundi ukuthi bagxile ezifundweni zabo futhi basebenze kanzima ukuze bafeze izinhloso zabo. Kulolu hambo ithimba liphinde lanikela ngezipho kubafundi okubalwa namaphasela egilosa kulabo abahlala ezindaweni eziqashiwe. Abaholi bakamasipala bathe lolu hlelo luhlose ukweseka abafundi nokubagqugquzela ukuthi bayithathele…

Read More

KWETHULWE IMIBHOSHONGO YEZOKUXHUMANA EMISHA EWEENEN

Sewuzokuzwa ngendaba ukweswela iNetwork umphakathi waseWeenen ngaphansi kukaWard 22 njengoba sekufakwa i-ariel yenethiwekhi ezothuthukisa ukuxhumana kule ndawo. Lolu hlelo luholwa uSekela Meya waseLangalibalele, uMhlonishwa Sthabiso Dladla, ngenhloso yokuletha uxhumana okungcono kubantu bendawo abesekudlule iminyaka bekhala ngokungabi khona kwenethiwekhi. Umsebenzi wokufaka lemibhoshongo uqale ngesonto eledlule endaweni yaseNhlawe, kanti kulindeleke ukuthi uqedwe maduze. Umphakathi waseWeenen usunesikhathi eside…

Read More

ISAMWU ISABISA NGOKUTHATHELA IZINYATHELO ZOMTHETHO UMASPALA WASOTHUKELA NGEZINQUMO ZEZEZIMALI EZIPHAMBENE NOMTHETHO

Inyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers’ Union (SAMWU) isibhalele iMeya ePhethe kanye noSomlomo kaMasipala wesiFunda sasoThukela incwadi ephuthumayo isola izikhulu eziphezulu ngokwephula ngamabomu umthetho iMunicipal Finance Management Act (MFMA). Inyunyana ithi izincwadi ezivela kuNgqongqoshe wezeziMali kanye noMgcinimafa wesiFundazwe KwaZulu-Natal zinikeza ubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi ukulawulwa kwangaphakathi kweqiwa ngamabomu. I-SAMWU isola ukuthi iMenenja kaMasipala kanye neBamba…

Read More

KUBOSHWE UMLISA OTHOLAKALE NENHLOKOHLELA YESIBHAMU KWASOMSUKU

Amaphoyisa eseKuvukeni abeqhuba umkhankaso weHigh Density Operations endaweni yakwaSomsuku abophe umsolwa oneminyaka engu-28. La maphoyisa agasela lapho okuhlala khona umsolwa, endaweni yakwaSomuku eMnambithi NgaseKuvukeni. Ukuseshwa kwalapho ahlala khona kuholele ekutheni kutholwe isibhamu sohlobo lwe-R4, isibhamu esincane kanye nezinhlamvu. Umsolwa usevelile enkantolo yemantshi Ezakheni. Uzogcinwa esitokisini okwamanje. Izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuthi azinawo yini amanye amacala.

Read More

UMPHAKATHI WASE ST CHADS UVUKE INDLOBANE WAVALA UMGWAQO NGODABA LWAMANZI

Akusahambi kahle eSt Chads eMnambithi njengoba izakhamizi ziqhubeka nokukhala ngenkinga yamanzi ezithi isingabekezeleleki. Izakhamizi zithi umgwaqo uHelpmekaar Road uzohlala uvaliwe kuze kube kukhona okwenziwayo ngodaba lwamanzi. Zisola uMasipala ngokudlala ngazo, zithi ngempelasonto bake bavala lo mgwaqo, kwase kuvela amanzi kwezinye izindawo, kodwa aphinde anyamalale kamuva. Abantu bendawo bathi lokhu kubenza bakholwe ukuthi kukhona ukudlalwa ngamanzi…

Read More

UHLABISA UZOVAKASHELA ISIFUNDA SASOTHUKELA UKUZAMA UKUNGENELELA EZINKINGENI EZIKHUNGETHE LOMASPALA

UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko, uVelenkosini Hlabisa, ucele ukungenelela okuphuthumayo kuzwelonke nasesifundazweni kuMasipala Wesifunda saseThukela phakathi kwezinselelo zezimali nezokulethwa kwezinsizakalo eziya ziba zimbi kulomaspala. Encwadini ayibhalele uNgqongqoshe Wezezimali wase-KZN, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uHlabisa uqinisekise ukuthi izinyathelo zomthetho zakamuva zenkampani iRASP ziholele ekuvalweni kwe-akhawunti yasebhange kamasipala. Lokhu kubeke ukukhokhelwa kwemiholo yabasebenzi, izibopho zikamasipala kanye nokuqhubeka kwezinsizakalo…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved