UGQAME KWEYESIFUNDAZWE UMFUNDI WASEMNAMBITHI ELALA ISITHATHU EMNCINTISWANENI WOKUFUNDA

U-Aphiwe, umfundi eGabangemfundo Primary School e-Uitvaal, uthole indawo yesithathu emncintiswaneni wokufundwa kwezincwadi obubanjwe kusukela mhla ziyi-19 kuya kumhla zingama-20 kuNhlolanja 2026 eWestville, eThekwini. UMasipala Wendawo wase-Alfred Duma, oholwa yiMeya uKhansela Z.J. Sibisi, kanye noMasipala Wesifunda sasiThukela, uhalalisele u-Aphiwe Buthelezi ngokusebenza kwakhe okuhle kakhulu eMncintiswaneni Wokufunda Wesifundazwe. Loluhlelo beluhlelwe ngokubambisana phakathi koMtapo wolwazi wase-Alfred Duma kanye…

Read More

BAKHALA NGOMGWAQO OMUBI E MHLUMAYO EMNAMBITHI

Umphakathi waseMhlumayo eMnambithi uthi usukhathazekile ngokunganakwa yiziphathimandla, njengoba uthi usuwenze konke ukuzama ukuthola intuthuko efana nezinye izindawo. Izakhamuzi zikhala kakhulu ngomgwaqo othi usuguguleke kakhulu iminyaka, waze wangasabonakali nokuthi wake waba wumgwaqo. Zithi lesi simo sibeka impilo yabantu engozini, ikakhulukazi izingane zesikole eziphoqeleka ukuwusebenzisa nsuku zonke. Kuphinde kube nenkinga yebhuloho emfuleni elingabonakali kahle, okwenza izingane ziphoqeleke…

Read More

INJABULO KUHLATSHWA ISOYI LOKWAKHIWA KOMGWAQO EMTSHEZI

Kuhlokome ihholo lomphakathi uBhekuzulu Community Hall namhlanje ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni usonkontilela ozokwakha iThulubheke Road Project ngaphansi kukaWard 6. Umhlangano obubizwe uMaspala iNkosi Langalibalele ububanjwe namuhla, kuhlangene umphakathi wakwaWard 6 ngaphansi kobuholi bukaKhansela B. Mshengu. Inkampani iTSW Construction iyona ehlonzwe njengozophatha lo msebenzi wokwakha imigwaqo. Lo msebenzi uzohlanganisa ibanga elingu-8.8km, kanti kulindeleke ukuthi uqale maduze futhi…

Read More

SIDEDELWE NGEBHEYILI KA R1000 ISIKHULU SIKAMASPALA ESISOLWA NGOKUNUKUBEZA

Isikhulu sikamaspala i-Alfred Duma Local Municipality esibe ngundabamlonyeni ekuqaleni kweviki kulandela ukuzinikela kwaso emaphoyiseni emvakwezinsolo zokunukubeza ngokocansi, siphume ngebheyili ka R1000 namuhla. uMnumzane Bongani Madondo kubikwa ukuthi wazinikela emaphoyiseni aseMnambithi ngoMsombuluko mhla ka-15 February emva kokuvulelwa icala ngowesifazane okuthiwa usebenza kuwo loMaspala ngohlelo lwenkontileka, omsola ngokuthi wambhudubeza wamnukubeza ngonyaka ka 2024. UMaspala i-Alfred Duma wakhipha…

Read More

INTSHA YAMUKELA UMKHANKASO WOKULWA NOKUKHULELWA NODLAME E-NTONJENI HIGH SCHOOL

Bekuyinjabulo enkulu kubafundi baseNtonjeni High School ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma ngesikhathi bevakashelwa uSihlalo wenhlangano engenzi nzuzo iNew Life Begins, uKhansela Ntuthuko Thomas Thabede, ehambisana nosaziwayo bakamabonakude. UKhansela Thabede uthe izinga lokukhulelwa kwentsha ezikoleni selikhuphuke kakhulu, kanti nokuhlukumezana nokucwasana phakathi kwabafundi sekuyinkinga ebucayi. Uveze ukuthi lo mkhankaso uqale ngokuvakashela izikole zasemakhaya behambisana nabantu abadumile ukuze kudluliselwe…

Read More

UTHUKELA LUTHI ALUKAZE LUFIHLE UKUTHI LUVALELWE I-ACCOUNT KAMASPALA

UMasipala Wesifunda sase-UThukela uqinisekise ukuthi i-akhawunti yawo yasebhange ivaliwe ngemuva kwezinyathelo zomthetho ezithathwe yi-RASP Consultants CC. Ngokwesitatimende esikhishwe, sithi uMaspala awukaze ufihle ngalolu daba selokhu lwavela. Uthi iminyango yesifundazwe efanele, okuhlanganisa noMnyango Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko (COGTA) kanye noMgcinimafa Wesifundazwe, yaziswa ngokusemthethweni. Isitatimende siqhuba sithi ngisho umhlangano wekomidi eliphezulu elikhethekile i-EXCO kanye nomhlangano womkhandlu okhethekile…

Read More

ZIPHUTHUNYISWE ESIBHEDLELA IZINGANE ZASEMNAMBITHI PRIMARY SCHOOL EMVA KOKUDLA AMASNACKS ANOBUTHI

Kudingeke ukuthi ziphuthunyiswe esibhedlela izingane ezingu-12 zaseMnambithi Primary School eSteadville ezigule zaphathwa yizisu emva kokudla amaSnacks okusolakala ukuthi abenobuthi noma esephelelwe yisikhathi. Ngokwemibiko, kuthi akuqondakali ukuthi lamaSnacks eziwadlile ziwathathephi ngoba kuthiwa kukhona ezifike nawo ziphuma nawo emakhaya, kanti amanye ziwathenge kumdayisi obezidayisela efenisini wesikole. Lezi zingane ziphuthunyiswe emtholampela zase zidluliselwa esibhedlela eMnambithi nokuyilapho zifike zaxilongwa…

Read More

IMEYA YASELANGALIBALELE IVAKASHELE ISIKOLE IKHULANGOLWAZI WAHLOLA NENQUBEKELA PHAMBILI YOMGWAQO KUWARD 17 no 9

IMeya yaseLangalibalele, uMduduzi Myeza, iqhube umkhankaso wanamuhla we Back to School ngokuvakashela iKhulangolwazi High School eseWard 12 ngaphansi kukaKhansela Hadebe. Lesi sikole siholwa uThishanhloko uMnu Nsuntsha, futhi sizuze u-86,2% wokuphumelela. Yize singesona isikole esinabafundi abaningi, siqhubeka nokukhiqiza imiphumela emihle nenconywayo. IMeya ibonge othisha, amalunga eSGB, abazali kanye nabafundi ngokuzinikela ekuthuthukiseni izinga lemfundo. Ngemuva kwalokho, IMeya…

Read More

ZETHENJISWE UKUTHI ZIZOBHEKELWA INKINGA NGOLWESINE IZAKHAMUZI EZITHELEKE EMAHHOVISI KA-ESKOM EMNAMBITHI KUNGAZELELE MUNTU

Zethenjiswe ukuthi u-Eskom uzoza ezohlola isimo ngoLwesine izakhamuzi zasePhayikeni/Emoba. Lomphakathi uvuke namuhla ngovivi wanikela emahhovisi alenkampani eMnambithi lapho befune khona izimpendulo ngokungabi bikho kukagesi. Lezi zakhamuzi zithi zagcina ukuba nogesi ngomhla ka 28 December 2025, emva kwalokho wanqamuka batshelwa ukuthi kulimale iTransformer. Emva kwalokho bebelokhu begqigqa kulamahhovisi befuna usizo kodwa baphoswe ngapha nangapha. Namuhla izikhulu…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved