IMEYA UMDUDUZI MYEZA UGQUGQUZELE ABASEBENZI NGOKUHLANZA IDOLOBHA UMTSHEZI
Imeya kamasipala waseLangalibalele, uMduduzi Myeza, ihlangane nabasebenzi bakamasipala namhlanje ekuseni emhlanganweni wokubagqugquzela ukuthi baqinise ukusebenza kwabo, ikakhulukazi abasebenza ukuhlanza imigwaqo edolobheni laseMtshezi. UMeya ugcizelele ukubaluleka kokuzinikela emsebenzini, wathi yize kukhona intuthuko ebonakalayo, kusekhona izindawo ezingakahlanzeki ngendlela eyanele. Uthe sekuyisikhathi sokuthi abasebenzi “baphakamise amasokisi” ukuze idolobha libonakale lihlanzekile ngaso sonke isikhathi. “Akukho nokuthini, ubusuku sebufana nemini…

