IDemocratic Alliance (DA) isifake ngokusemthethweni isicelo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ifuna uMasipala Wesifunda uThukela, ubuholi bawo bezepolitiki nobokuphatha, kanye nohulumeni wesifundazwe nowezwe, baphoqwe ukubuyisela ilungelo lomphakathi lokuthola amanzi ahlanzekile.
Esitatimendeni sayo, i-DA ithi imibhalo eyethulwe enkantolo iveza iminyaka yokwehluleka kukaMasipala uThukela ukuhlinzeka ngezidingo eziyisisekelo ngaphansi kobuholi be-IFP.
Ngokusho kwe-DA, uMasipala wehlulekile ukuhlinzeka okungenani amalitha angama-25 amanzi ahlanzekile umuntu ngamunye ngosuku njengoba kudingwa umthetho. Leli qembu liphinde lathi umasipala uqophe ukusetshenziswa kwemali okungagunyaziwe, okungajwayelekile nokumoshiwe okungaphezu kuka-R1.3 billion, futhi useneminyaka eyisishiyagalolunye uthola imibiko yokuhlolwa kwezimali engahambisani nemigomo.
I-DA iphinde yaveza udaba lwe-RASP Consultants, lapho ethi ukwehluleka koMphathi kaMasipala ukuhlonipha isivumelwano senkantolo kwaholela ekuvinjweni kwama-akhawunti kamasipala, ukuphazamiseka kokukhokhwa kwamaholo kanye nokwenyuka kwezindleko zenzalo.
Leli qembu lithi selicela inkantolo imemezele ukuthi uMasipala uThukela wephule amalungelo omphakathi ngokweMthethosisekelo, iphinde iyalele ukuthi ufakwe ngaphansi kokuphathwa nguhulumeni ngokweSigaba 139 soMthethosisekelo.
I-DA ibonge izakhamuzi zaseThukela ezifake izitatimende ezeseka lolu daba, yathi izoqhubeka nokulwela ukuphathwa ngendlela efanele kanye nokubuyiselwa kwezinsiza eziyisisekelo emphakathini.
