IKHANSELA LIQALA UHLELO LOKUNIKELA NGOKUDLA EWARD 34
Ikhansela laseWard 34 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma, uMzuzwana Nkanyezi Magasela, seliqale ngokusemthethweni uhlelo lokunikela ngamafood parcel emindenini ehluphekayo kule ward. UMagasela uthe lesi sinqumo usithathe ngemuva kokuthinteka kakhulu ngesikhathi sikaKhisimusi, lapho ebona khona imindeni eminingi ingenakudla, ikakhulukazi izingane nabantu abadala. Uthe kwakubuhlungu ukubona abantu bedonsa kanzima ngesikhathi okwakumele kube yisikhathi senjabulo nokuhlanganyela. Uchaze ukuthi uhlelo…

