IMAYIBUYE INIKELELE IMINDENI EYAPHESHUKELWA YIZINDLU EZAKHENI


Iqembu lezepolitiki iMayibuye livakashele imizi emibili esigcemeni sakwa-E, eZakheni kuWard 6, lapho linikele khona ngosizo lokudla emindenini esanda kupheshukelwa yizindlu.

Lolu hambo beluholwa ngumholi weMayibuye kuWard 6, uMxolisi Cebekhulu, ehambisana nePhini likaMengameli lesibili leqembu kuzwelonke, uNomsa KaMashobane Sibisi. Bahambele imindeni yakwaMlotshwa kanye neyakwaKhumalo, lapho banikele khona ngamaphasela okudla ngenhloso yokulekelela labo abalinyalelwe yizindlu zabo.

Imindeni yakwaMlotshwa neyakwaKhumalo ibonge kakhulu ngosizo olutholile, yancoma iqembu leMayibuye ngokuzinikela kwalo ekusizeni umphakathi.

UNompumelelo Mlotshwa, ongomunye wabahlomulile kulolu sizo, uthole igrosa evela kule nhlangano ngesikhathi ivakashele umuzi wakhe eZakheni kwa-E. Kuthiwa lolu sizo lufike ngesikhathi esifanele njengoba le mindeni isabhekene nobunzima bokwakha kabusha impilo yayo ngemuva kwale nhlekelele.

UNomsa KaMashobane Sibisi uthe iMayibuye izoqhubeka nokweseka imiphakathi ebhekene nezinkinga futhi ilethe usizo lapho kudingeka khona, njengoba inhloso yeqembu kuwukuba seduze nabantu ngezikhathi ezinzima.

Imindeni yakwaMlotshwa neyakwaKhumalo ibonge kakhulu ngosizo olutholile, yancoma iqembu leMayibuye ngokuzinikela kwalo ekusizeni umphakathi.

Ngaleso sikhathi, iqembu limemezele ukuthi lizobamba umhlangano wokukhetha ubuholi besifunda sase-uThukela eKeate Street Primary School eMnambithi. Kulindeleke ukuthi kukhethwe ubuholi obusha obuzohola iqembu esifundeni.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved