Kuvele ukuthi inkantolo isikhiphe incwadi yokuboshwa (warrant of arrest) kaNgizwe Mchunu ngemuva kokutholakala ukuthi udelele isinqumo senkantolo odabeni olumphikise noJulius Malema.
Ngokolwazi olukhona, inkantolo igwebe uMchunu izinsuku eziyishumi ejele. Nokho, lesi sigwebo simisiwe ngaphansi kwemibandela ethile. Kuthiwa ukuze agweme ukuboshwa nokuthi incwadi yokumbopha ihoxiswe, kumele akhiphe uxoliso emphakathini ezinkundleni zakhe zokuxhumana.

Kuphinde kwathiwa lolo xoliso kumele luhlale ezinkundleni zakhe zokuxhumana isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha, bese ubufakazi bokuxolisa budluliselwa enkantolo. Ngaphezu kwalokho, kuthiwa kumele aqophe ividiyo yokuxolisa ezoshicilelwa ku-akhawunti kaKing Zoso kuTikTok.
Inkantolo iphinde yayalela ukuthi uMchunu akhokhe izindleko zomthetho zabameli bakaJulius Malema ezihlobene nalolu daba.
Le miyalelo iyingxenye yesinqumo senkantolo esihlose ukuqinisekisa ukuthi imiyalo yayo iyahlonishwa futhi iyalandelwa.
